UKUZALWA WEMBETHE
UKUZALWA WEMBETHE. Kuyini ukuzalwa wembethe kusuke lapho kuzalwe umuntu embethe isipho esithile asiphiwe abakubo ukungaba yisipho sokuba aphile ngaso. Zihlukene ngezigaba leziphiwo umuntu aphiwa zona ngabakubo noMvelinqngi ezinye zazo leziphiwo esokuba nencebo, ukukwelapha, ubuthandazi, njalo njalo!!!. Umuntu ozalwe embethe noma engaxile lowo muntu usuke engumuntu oneNhlahla ayiphiwe abakubo bahlukebe izigaba ezinthathu labantu. 1.OZALWE ENQWAMBILE. Lolu uhlobo lwabantu abasuke bengabantu abanikwe isiphiwo esiphathelene nesokusiza abantu okungaba uMthandazi, Isangoma, Inyanga. Lolu hlobo lwabantu lubonakala ngokuba luthi luzalwa lube ligaxile noma linqwambile nje ngesangoma kuyaba yithumbu leli elisuke lixhumane naye nonina ngisuke linqwambe kuye njengoba usuke ubona isingoma omunye bese embatha ngaphezulu okuyingubo. 2.OZALWE EFAKE UCU EMQALENI. Lolu uhlobo lwabantu olusuke lugaxile emqaleni okuluhlobo lwabantu abanikwe incebo ayiphiwe abakubo ngoba basuke ...