KUYINI UKULAPHA KWENDABUKO.

UNKULUNKULU EKWELAPHENI KWENDABUKO.
Ngaphambi kokuba uqonde ukuba ukweLapha kweNdabuko kuyini, ngikholelwa ukuba kufanele ucacelwe kuqala ilokhu okungukuthi: “Ukwelapha kweNdabuko ukulapha lsabaphansi esinensika enqala enguNkulunkulu.”  Lensika okuyona esekele futhi ibe umkhomba ndlela ekwelapheni kweNdabuko. Ngoba sikholwa ukuthi konke okusemhlabeni kuyimsebenzi yakhe uMvelinqangi uthixo wethu. Leli lidlozi lamadlozi, idlozi elikhulu. Inkolo  yaseNtshonalanga  yona  ithi uNkulunkulu. Abesintu bona bamazi  njengoNomhhoyi,  uMlenzemunye. Bakwazi nokuthi nguye owadala izinto zonke ezibonwayo nezingabonwa. Uma umuntu eqonde ukumkhonza, uthumela imimoya yabantu owayebazi ethumela ngentambo ende yozalo kuze kufike kuye uMvelinqangi owavela kuqala.

UMVELINQANGI.
UMVELI : Lesi sakhi sokuqala sibalula ukuba khona kwakhe, noma uManduleli wazo zonke izinto ngokuvela.
NQA : Lesi sakhi sihlonza isiqalo, noma ukuba phambili nguye yedwa uNqa, futhi unguNgqa wangempela.
NGI : Isakhi sokugcina sibheke kithi thina bantu, uNgi  "ngehlela ngezansi" ngiyazithoba ngiphansi kunaye mina angisuye uNqa.
Okhokho bethu babe nobu nyonico obusezingeni eliphezulu leligama baliqamba ngaphandle komqulu ngoba wona ufike likhona igama abamhlonza ngalo. Igama lethi Nkulunkulu  lisho yena uMvelinqangi.

Ubani uNkulunkulu?  Emhlabeni izoizukulwane ngezizukulwane ziba nawo lombuzo, khepha izimpendulo zalombuzo zitholakala sezihlukene kaningi ngenxa yokuthi nobani usho ngendlela yakhe abona ngayo noma aliqonda ngalo leligama elithi Nkulunkulu. Eqinisweni impendulo inye yaleligama futhi ayinakunjikwa umuntu engukuthi uNkulunkulu nguzenzile umdali wezulu nomhlaba. Izazi zakithi endulo okhokho ababe yizincithabuchopho zathi uma zijula zibheka lombuzo zabe sezibona ukuthi uNkulunkulu uMveliqangi ngoba uyena owavela kuqala wase edala umahlaba nezulu. UnguYise wakho konke okusemhlabeni nasezulwini. Uma sijula sifuna ukuba sikhanyelwe ekubeni loNkulunkulu uyisimo sini siyathola ukuba ubuNkulunkuku bakhiwe izisekelo ezintathu.
1. Isisekelo sokuqala uYise.
2. Isikekelo sesibili uNdondana.
3. Isikekelo sesithathu uMoya Oyigcwele.
Lezisekelo zakha ubuNkulunkulu okuba siqu esisodwa lapha kwisintu esibizwa ngoMveliqangi. Uma sibheka leziziqu zonthathu ngokwemisebenzi yazo, Isiqu sokuqala uYise lesi isikekelo esikhulu kunazo zonke esiyinduna noma umphathi nomlawuli.

Lesisiqu uma siphosa amehlo kwintombi emnyama enomlomo obomvu (bhayibheli – incwadi egcwele) sithola ukuthi encwandini kaGenesise isahluko sokuqala evesini 1-25 lapha sithola imisebenzi yesiqu sokuqala lapho siyadala siyilawula ngezwi laso kwenzeka lokho esikushoyo. Uma uqubheke unayo lencwadi Ku vesi 26 uthola lapho lesisiqu sesidala khona isidalwa esingumuntu lapho sikhuluma sithi “Asenze abantu ngomfanekiso wethu basifuze ba buse phezu kwezinhlanzi zolwandle naphezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo  naphezu komhlamba wonke phezu kwezilwane zonke ezihambayo emhlabeni.” Lapha sithola lesisiqu sesiphelelisa ubuciko nobunyonicu bobuhlakani baso ekudaleni isidalwa esingumuntu kunamazwi akhulunywa ilesi siqu lapha sithi “ Asenze abuntu ngomfanekiso wethu basifuze,” lapho sithola ukuthi thina bantu siyizidalwa ezekhethelo neziwumfuziselo wesiqu sokuqala esinguYise.
Lawamazwi ayisekelo esingufakazi sokuthi thina siyinxenye yomfanekiso walesi siqu sokuqala ngakhoke isizwe sakithi asingazibukeli phansi ngoba singumfuziselo wesiqu sobuNkulunkulu. Lesiqu eziningi izimangaliso nezambulo esizenzile ngezidalwa ezingabantu esibadalile eminyakeni yo 1400 BC sathumela uMose ukuba ayokhulula abantwana bakaNkulunkulu ebuqilini wenza izimangaliso eholwa yiso lesisiqu kwaze kwafika iminyaka yokufa kwakhe lesisiqu sisebenza ngaye senza izimangaliso ngomose ebantwananeni bakwaIsraeli. Lesi sasikhonzwa sidunyiswa ngemihlatshelo ukuchithwa kwegazi lwesilwane kwaqala yiso lesisiqu. Uma ubheka kulomqulo wabamhlophe intombi emnyama enomlomo obomvu uthola ukuthi lapho izidalwa zabantu ezazibekwe ensimi yase Edeni sezonile sezihambaze wabulala izimvu wase ethatha isikhumba wabenzela iziphuku wabaombathisa.
Lapho ukuchitheka kwalelogazi ngithola ukuba uma umuntu kunesenzo esithile asenzile bekuba nomhlatshelo ophumayo wokuxolisa noma wokushweleza. Kodwa ngokuba abantu abaningi abaqhaphelisisi izinto lokhu abakunaki futhi bayincosana abayokuzwa lokhu kukhuluma kwami ukuba inqinikithi yakho imaphi. Namhlanje emhlabeni ukuhlaba isilwane noma ukuchitha igazi lesilwane okungaba Imbuzi, Imvu, Inkomo kubonakala kungelikhulu icala nesono emakholweni ukugcina lomkhosi, abanye bamakholwa baze besho bethi akulungile ngoba kuhlatshelwa amadimoni. Eqinisweni imbudane yonke leyo ukuhlaba kuyindlela yokuxhumana ongumhlatshelo owenzelwa okuzixhumanisa noMveliqangi uThongankulu uBaba wethu isiqu esinguYise nezidalwa zazikthi ezingasekho kulomhlamba.

Isiqu sesibili uNdondana.
Lesi isiqu esincane kuleziziqu zonthathu njengoba nalo igama lizisho ukuba uNdondana. Emhlabeni lesiqu sesibili kunenkolelo eyafika nezazi zase ntshonalanga abamhlophe engukuthi kuthiwa safika emhlabeni saphila nabantu emihleni yokuphila kwabantwana bakwa Israeli. Njenge siqu sokuqala uYise naso lesi siqu senze imisebenzi nezimangaliso izambulo eziningi emihleni yaso kusukela eminyakeni phakathi ko( 2 B.C -4 BC.) Kwaze kwayofika imihla yokumuka kwaso kuNdodona kaMariya eyabe iyaziwa ngokuthi uJesus waseNazaretha. Lesisiqu sasingeyena uJesus kepha sasingu Kherstu owehlela kuye eneminyaka elinganiselwa emashumini amathathu nathathu (33).  Emfuleni wase Jordan okulapho okwathi uma indodana kaMariya no Joseph eyathi uma isiphuma emanzini okwehla lesiqu sobuNkulunkulu okungese sibili kwezintathu. Sithola ukuthi sehla ngesimo seNyoni okuthiwa yiJuba elimhlophe, ilapho lesiqu esambatha khona wabanamdla wenza izimangaliso ngoba uKherstu ekuye. Okufike kwahluka ngalesi siqu ukuba sona asidalanga lutho kepha sasilungisa okukhona njengokuphilisa abantu futhi sona sasisebenza ngomuntu ozalwe indoda nomfazi okungu Jesus.

Isiqu sesithathu uMoya oyigcwele.
Lesi isiqu esikhulu ngokubukhulu baso silandela isiqu sokuqala uma ubheka imisebenzi yaso. Uma uyibheka ujula indaba yokudalwa komhlaba uyathola ukuba lesisiqu isona esasi ngumsizi wesiqu uYise ekudalweni ngoba uma siphosa amehlo kuntombi emnyama enomlomo obomvu incwadi egcwele sithola ukuthi konke okwakudalwa kwakukhulunywa ngezwi maqede kwenzeke. Izwi lingumoya ngeke walibona kepha uyalizwa yingakho ngithi lesisiqu isona esasingumsizi wesiqu uYise. Lesi siqu abantu abaningi abanakho ukusiqonda ukuthi siyini basihumsha ngezindlela ezihlukene bezama ukuba besichaze kepha uma usubheka iningi labo lizisholo okungeyikho. Lesisiqu eqinisweni singumkhandlu oyigcwele oqukethe abantu abaphila ezweni elingale kwethuna ezweni lokhuphila kwaphakade. Ngokwesintu lapho sithi izulu elingumndeni wabasaphila enyameni. Ngoba thina bantu besintu sikholelwa ekutheni abangasekho kulomhlaba bayizidalwa ezisibhekile ezisilusa mihla yonke. Lezidalwa zihleli kulomkhandlu ongumoya oyigcwele, ngoba ngisho nezingelosi ibhayibheli lithi zingabantu abayigcwele. Uma sibheka ingelosi ngabe iyini yona? Impendulo yalowo mbuzo ithi ingelosi ingumntu obhekade ephila kulomhlaba wase edlulela ezweni laphakade, wafunaniseka ukuba ukulungele ukugena emthimbeni wabagcwele ngoba ubehamba kahle phambi kukaNkulunkulu. Kuyaye kube khona ungaqondi kubantu bakithi ikakhulukazi kulabo asebethi bayakholwa basindisiswe bayeke bekuthakasele ukuthi babone ingelosi kodwa uma bake babona umuntu wakubo ongasekho ephusheni ubezwe sebethi idimoni. Kuyaye kudumaze ukuzwa lokho nezinkolo zikushumayela lokho ukuthi abangesekho bangamadimoni ekubeni kungelona iqiniso lelo kungakuhlaza amanga lawo umuntu ongasekho uyingelosi yebo zokhona ezinhle nezimbi ngokwemisebemzi yazo.

Lona Moya uyahlala kubantu ukuze bekwazi ukuqonda ubugcwele futhi behambise ngokwezinkambiso zobugcwele. Lesi siqu uma singenile kumuntu siyamehlula bese simbusa sigcwalise ngokwazi nokuqonda. Lesisimo ilapho lowo okhethiwe esethobela intando yaso ehambise ngokusho kwaso amandla aso lesiqu uma singena kumuntu. Lapha ngokwesintu ilapho umuntu esuke engenwa umuntu lakubo othile ongasekho ukuba amsebenzise ekwenzeni okuhle nokusiza abantu ekwelapheni. Lesi siqu asihambisani nokubi njalo sifuna ukulungile nokuhle okuyigcwele. Abanye abantu abangenalo ulwazi abahlale bezwa amakholwa ethuka lomoya ethi umoya wababi basala bezibuza ukuba babona ngani ke umoya omuhle nomubi? Impendulo ithi umoya omuhle uma ngena kumuntu uyaphemduka ezenzweni ebekade ezenza bese elawulwa yiwo angeke umthole enza intando yobumnyama ngoba lomoya awuhlalelani nobumnyama naye lona ongene kuye ubuzonda kabi ubumnyama.
Kepha lona ongenwe umoya omubi isenzo zakhe zonke ziba ezimbi ngisho ekhuluma ukhuluma into yobunyama ehamba uhamba ebunyameni akazwani nento elungile eyomoya umuhle ngoba ayihlalelani lemimoya. Kuyaye kudumazeke ukuzwa amakholwa esukela imimoya yoKhokho bethu beyithuke ngokuthi ingumoya umubi, ekubeni yenzeni ibulele  bani ihluphe bani? Kodwa’ke konke lokho okuyifundisoze yezinkolo zokufika kuleli ezizama ukusikhipha kokwethu siphundululeke sibe ngamalulwane singayiqondi imvelaphi yethu. Lomoya oyigcwele umoya wezingelosi umoya wezidalwa zakithi eziphila kweliphakade. Lesi siqu siyasebenza namhlanje yingakho nje sinabalaphi bendabuko abangumgogodla wesintu. Lomkhakha wokwelapha iwona owawuphilsa Okhokho bethu bengakafiki odokotela besilungu nososayensi.

Abenezinkinga zokulungiswa kwemimoya bangaxhumana nami Mkhulu uNdlondlo Mngomezulu ngibasize kulenumber 0630313496.

Comments

  1. The 888casino Casinos Near Atlanta, GA | MapyRO
    Find the best Casinos Near Atlanta, GA 원주 출장안마 near Atlanta, GA on 울산광역 출장마사지 MapyRO. 강릉 출장마사지 1221 Boulder Road, Murphy, 목포 출장안마 GA 33301 1221 Boulder Road, Murphy, GA 33301 태백 출장샵 1175 Boulder Road, Murphy, GA 33301.

    ReplyDelete

Post a Comment

Popular posts from this blog

UKUZALWA WEMBETHE

EMAKHOSINI PRICE LIST.